Ukuvikeleka okunambili kusho ukubeka ikusasa lakho phambili · uncwaba • 2015 mahhala Silwa...
Transcript of Ukuvikeleka okunambili kusho ukubeka ikusasa lakho phambili · uncwaba • 2015 mahhala Silwa...
uncwaba • 2015
mahhala
Silwa Nezifo, Silwa Nobubha, SiNika ithemba
Ukuvikeleka okunxambili kusho ukubeka ikusasa lakho phambiliUkuncelisa ibele Izithuthiziguli zasemakhaya
Nokunye ngapha-
kathi!
Wathint’ abafaz
i,
Wathint’ imbokode!
* The SMSs will talk about HIV, so you must be comfortable receiving these messages on your phone
Umyalezo ovela ku
HOD WezeMpilo e-KZN,
uDkt Sifiso Mtshali
Njengoba sigubha inyanga Yabesi-
fazane, kuxhumana kahle ukuthi
njengoba lona kungumyalezo wami
wokuqala njengeNhloko Yezempilo
eMnyangweni Wezempilo esifundazweni ukuba
ngihloniphe bonke abesifazane abazinikele
kanye nabasazinikelayo bezinikelela izwe le-
thu, imindeni yabo kanye nemiphakathi yabo.
Ngokukhethekile ngifisa ukubonga bonke
abasebenzi bethu besifazane bezempilo okuthi
nakuba zikhona izinselelo zansuku zonke kepha
baqhubeke nokwenza umehluko ekuphephiseni
impilo kanye nokuqinisa ukuzibophezela kwethu
ekuhlinzekeni ngezempilo. Sincoma ukuzinikela
kwenu, sikushayela ihlombe, ngiyabonga!
siselapho ekubongeni iqhaza elibanjwe
abesifazane, kepha ngeke silishalazele iqiniso
elibuhlungu lokuthi nakuba sihamba phambili
ekulinganiseni ngokobulili kepha abesifazane
basahlukunyezwa emizimbeni, emoyeni, ngo-
komnotho noma ngomlomo. Njengomphakathi
kumele sizibuze ukuthi kungani lokhu kuseyin-
selelo namanje naphezu kweminyaka engama-20
sazuza intando yeningi. Ukwesaba ukuphumela
obala kanye nokukhuluma ngabesifazane kanye
nezingane ezihlukunyezwayo kusadinga ukuba
kuphunyelwe obala ngakho. Okubaluleke na-
kakhulu ukwenyuka kwezibalo zabantu abadala
kanye nezingane ezidlwengulwa njalo. Sekuze
kwafika ezingeni lapho sekuyinsakavukela
umchilo wesidwaba. NjengoMnyango Wezem-
pilo KwaZulu-Natali, sinxusa yonke imiphakathi
ukuba ibumbane bese ikhuluma ngazo zonke
izinhlobo zokuhlukunyezwa kwabesifazane kanye
nezingane njengoba beyizisulu emiphakathini.
Akumele abesilisa bathule nje uma bebazi abenzi
bobubi. Uma sifisa ukwenza umehluko, kumele
siqinisekise ukuthi sisebenzisa lelo zwi lobum-
bano elasisiza ekuzuzeni intando yeningi, lisisize
ekuvikeleni lokho esakulwela, okubandakanya
ukulingana ngokobulili.
ngifisa ukuthatha leli thuba ngigcizelele
izinsuku ezisemqoka ngale nyanga, ngiqale
ngolokuQwashisa Ngomdlavuza wegazi okuyin-
dikimba yenyanga yonke kaNcwaba. Lesi sifo esi-
hlasela kakhulu labo abaneminyaka engaphansi
kwengama-25, okwenza kube nzima ukuthola
ozonikela ngomnkantsha ofanele njengoba
kunokwentuleka kwalabo abanikelayo ikakhulu
abangama-Afrika. Ngifisa ukukukhuthaza ukuba
ufunde kabanzi ngalokhu ngaphakathi kwaleli
bhukwana bese uzinikela ukwenza umehluko,
uma ungakwazi, kungaba yithuba lakho loku-
phephisa impilo!
njengoba isonto Lemithi Yokwelapha
Yesintu liyingxenye yale nyanga, ngifisa uku-
bonga bonke abelaphi bendabuko abase-
mthethweni abasebenzisana noMnyango
Wezempilo ekuqinisekiseni impumelelo yoku-
soka. I-KZN isaqhubeka nokuhamba phambili
ezweni ngokusoka okuphephile abantu be-
silisa – njengoba kuze kube manje kungekho
zigameko ezibikiwe! Abelaphi Bendabuko
babambe iqhaza elibalulekile njengokusetsh-
enziswana nabo ekuhlinzekweni kwezidingo
zezempilo, ngifisa ukukhuthaza abantu ukuba
baqinisekise ukuthi basebenzisa abelaphi bend-
abuko abavunywe uMnyango.
Ngiphokophelele ukwenza lesi sifundazwe sibe yisibonelo
esigqamile ekuhlinzekweni konakekelo lwezempilo.
* The SMSs will talk about HIV, so you must be comfortable receiving these messages on your phone
Silwa Nezifo, Silwa Nobubha, SiNika ithemba
Yiba NgowesifazaNe waNamuhla eNiNgizimu afrikaZibambele mathupha impilo yakho, nakekela umzimba wakho. Siza
UKUQEDA ukuhlukumeza, phumela obala bese uthi CHA ekuhlukunyezweni kanye nasocansini olungaphephile uma umlingani wakho engaziphethe kahle.
UMnyango Wezempilo e-KZN uhlonipha bonke abesifazane kulesi sifun-dazwe futhi unxusa bonke abesilisa ukuba bavikele
babuye banakekele omama bezwe lethu, izingane
kanye nabadala.
UMDLAVUZA WEGAZI
UKUNCELISA IBELE
INYANGA YABESIFAZANE
UKUHLINZEKWA KWEZIDINGO Kuhanjiswa ezinye zokuthutha ezindaweni zasemakhaya
INYANGA YABESIFAZANE Kuseyinselelo ngokobulili ukuhlukunyezwa ekhaya
IZINDABA Ezakamuva Zezempilo e-KZN
UMFANEKISO Ukuhlomisa abesifazane ngokubafundisa
IZINSUKU ZOKUqWASHISA Izinsuku Ezibalulekile Zezempilo ngoNcwaba
UMDLAVUZA WEGAZI Okumele ukwenze ukuze usukume sisekhona isikhathi
UKUVIKELEKA NXAMBILI Kubaluleke ngani empilweni yezocansi
UKUNCELISA IBELE Kusaphuma phambili ekuvikeleni umama nengane
NGEMBOBO KAKHIYE Owezezimo eziphuthumayo osemncane exoxa ngempilo yakhe
UN
CW
AB
A 2
015
Siyababonga laba abalandelayo ababe neqhaza:UMNYANGO WEZEMPILO E-KZN: UPHIKO LWEZOKUXHUMANA
U-ZOHRA MOHAMED TEKE (UMHLELI)
COLIWE ZULU
THANDI ZULU
THEMBA MNGOMEZULU
sARA AULD
DR GUGU MAZIBUKO
Imifanekiso esetshenziswe kwEzEmpilo eyokucacisa kuphela, ayiqondile ukuveza abantu bangempela futhi ayimele lokho okuqukethwe ushicilelo.
IMp
ILO
EM
AK
HAY
Aokuqukethwe Umnyango wezempilo uhambisa izithuthi zezempilo emiphakathini esemakhaya
Silwa Nezifo, Silwa Nobubha, SiNika ithemba
Ukubaluleka Kwezokuthutha Empilweni YasemakhayaEkhuluma ngesikhathi kwedluliswa lezi zithuthi, uNgqongqoshe uDhlomo wathi Ezokuthutha Iziguli (okungezona izimo ezi-phuthumayo kanye Nokuthuthwa Okuh-leliwe) kubambe iqhaza elibalulekile ekusi-zeni abantu basezindaweni zasemakhaya ukuba bathole lonke uhlobo lwezempilo esiFundazweni saKwaZulu-Natali.
“Usizo olungagqamile noma olwaziwa kakhulu njengama-ambulensi kepha kubantu basezindaweni ezisemakhaya, wusizo lwabo olukhulu lokuya ezikhun-gweni zezempilo. Lusiza abantu ukuba bathole unakekelo olufanele, ngesikhathi esifanele, endaweni efanele,” kusho uN-gqongqoshe uDhlomo.
Ukwanda konakekelo ezif-weni eziyisimbelambela, uk-wanda kokudingeka kosizoLezi zithuthi ezingama-95 zizolekelela enkingeni ekhona esifundazweni edalwe ukwanda kokudingeka konakekelo lwezempilo esifundazweni.
Abantu abagugayo kanye nokwenyuka kwesibalo sabanezifo eziyisimbelamb-ela, yizona zimo ezenza kwande isibalo
Imiphakathi yasemakhaya isandakuphuculelwa ukuhlinzeka ngezidingo, ngesikhathi uNgqongqoshe Wezempilo e-KZN, uDkt Sibongiseni Dhlomo ekhipha izithuthi zeziguli ezintsha ukusiza izibhedlela ezincane zasemakhaya ekudluliseni iziguli ziya kwezinye izikhungo ezinjengesiBhedlela Inkosi Albert Luthuli Central, iNgwelezane kanye neGreys.
“Ezokuthutha zisiza abantu ukuba bathole unakekelo olufanele ngesikhathi esifanele”
sesidingo sokuthuthwa kweziguli, kanye nokwentuleka kwezithuthi zokuthutha labo abayosoka uma beya ezibhedlela kanye nalapho sebebuya.
UNgqongqoshe uDhlomo wengeza ngokuthi amabhasi azosiza ekwehliseni izinga lalabo abangadli ngendlela imithi
yesifo sofuba okumele basiwe ezikhung-weni.
Ngezansi kunohlelo lokwabiwa kwezithuthi ezintsha, kukhuthazwa iziguli ukuba zixhumane nezikhungo zezempilo eziseduzane ukuthola kabanzi ngezikhathi zokuhamba kanye nezokubuya:
iZifunda Okuhlinzekiwe
Amajuba .........................................7EThekwini ......................................5Harry Gwala .................................4ILembe ............................................4UGu ...................................................4UMgungundlovu ...................10UMkhanyakude .........................8UMzinyathi .................................10UThukela ........................................4UThungulu ....................................8Zululand ..........................................7
iZifunda Okuhlinzekiwe
Grey’s Hospital Hub ....................................................... 7(UMgungundlovu, UThukela, Amajuba, UMzinyahi ne Zululand)Inkosi Albert Luthuli Central Hospital Hub ....................................................................... 5(eThekwine, UGu, Harry Gwala, ILembe ne UMgungundlovu)Ngwelezane Hub ............................................................. 7(UMkhanyakude, UThungulu ne Zululand)UThukela Hub .................................................................... 4(UThukela, Amajuba, UMzinyathi ne Zululand)College of Emergency Care .................................... 1
IsAmbA .............................................................................. 95
Sinike uvo lwakho, noma usitshele ukuthi ucabangani ngalo magazini! P O Box 25439, Gateway, 4321, UCINGO-031 825 6790. I-EMAIL: [email protected] ILUNGELO LOBUNIKAZI
Konke okushicilelwe kulo magazini kuyilungelo le-Ezempilo… Health Matters futhi kungase kuphinde kukhiqizwe futhi kusakazwe mahhala ngezinjongo zokufundisa kuphela.
Zonke izikhangiso ezikulo magazini akukona ukuthi zisekelwa ngokusemthethweni uMnyango Wezempilo Wase-KZN, uMasipala WasEthekwini noma Ezempilo Health Matters
UKUVIKELEKA NXAMBILI
Ngenxa yokuthi ziningi izindlela zokuhlukunyezwa (ngaphandle kokuhlukunyezwa ngokomzimba) kanye nokuthi kunokuhlukunyezwa kuphindelelwa, ukwephuza komhlukunyezwa ukufuna usizo, lokhu kungaholela ekuthini lezi zimpawu zibonakale kubantu bonke. Abahlukunyezwayo baphathwa okunye ukugula okwenza kube yisona sizathu sokuba bathole usizo lwezempilo. Kungaba uvalo, ingcindezi nanoma yiziphi ezinye izifo ezingaqhutshezelwa phambili ukuhlukunyezwa. Kulezo zimo ukuhlukunyezwa akube kuseyamaniswa naleso simo.
INYA
NG
A Y
AB
ES
IFA
ZA
NE
Silwa Nezifo, Silwa Nobubha, SiNika ithemba
ASIpHUMELE OBALA SIqEDE UKUHLUKUNYEZWA!
Ukuhlukunyezwa ekhaya ngokwa-bakwa-EMS NguRobert McKenzie
Umkhulumeli wakwa-EMS, Emnyangweni wezempilo e-KZN
Abezimo eziphuthumayo bajwayele ukuba ngabokuqala ukusiza umuntu ohlukunyeziwe, ikakhulu uma ehlukunyezwe ngesihluku noma eshayiwe futhi eyisisulu. Ngeshwa, njengabezimo ezi-phuthumayo siyaye sibizwe ukuba sizosiza izisulu zoku- hlukunyezwa emakhaya.
ukuhlukunyeZwa ngOkOcanSi (noma ngabe ushade naye umhlukumezi)
ukuhlukunyeZwa ngOkOmZimba noma ukushaywa (isibonelo, ukushaywa ngesandla, ukuluma, ukukhahlela kanye nokwesabisa ngokushaya)
ukulinyaZelwa impahla kanye nanoma yini oyikhonzile
ukulandela umuntu (uma umuntu ekulandelela noma ekukhulumisa noma ingane yakho)
ukuhlukunyeZwa ngOkweZimali, uma umuntu engakhiphi imali okumele
akunikeze yona. Lokhu kungenziwa ngoku ukwenqaba ukukhOkha irenti noma
ingxenye yayo noma isikweletu sendawo enihlala kuyo
ukulahla impahla (impahla yasendlini) oyithandayo, ngaphandle kwemvume yakho
ukuhlukunyeZwa ngOkOmOya (ukwehlisa isithunzi okubandakanya ukuthukwa njalo, ukubukelwa phansi, ukuqalekiswa nokwesatshiswa)
nanOma yiZiphi izenzo zokuhlukumeza ezibeka engcupheni ukuphepha kwakho, impilo noma inhlalakahle yakho.
kuhlukunyezwa kakhulu abesi-fazane emakhaya. Kepha ukuhlukunyezwa kwasekhaya
akukhona kuphela okwenziwa owesilisa kowesifazane. Ucwaningo ngabesi-fazane ababika ukulimala ngenxa yokuhlukunyezwa luthola kunokux-humana phakathi kokuhlukunyezwa kwasekhaya kanye; nokungafundi, ut-shwala, ukungasebenzi, iholo elincane, kanye nokusebenzisa izidakamizwa.
Abanye abahlukunyezwayo ababiki ngokuhlukunyezwa kwabo, noma bap-huze ukufuna usizo okanye bangaziboni besheshe bedinga usizo.
Shayela lezi zinombolo zosizo ukuze uthole ukwelulekwa nosizo:
indawO yabeSifaZane abahlukunyeZiwe:thOkOZa wOmen’S hOStel, durban ........................................................................................................(031) 208 2263
y.w.c.a. yOung wOmen’S chriStian aSSOciatiOn, pietermaritZburg ....................(033) 386 3930
life line ................................................(031) 303 1344 child line............................................(0800) 05 5555
Bonke abahlukunyezwayo bayanxuswa ukuba bafune usizo ngoba ziningi izindawo ezinganika usizo olungxube okungaba umthetho, ezempilo kanye nezenhlalakahle.
AMAPHOYIsA UDOKOTELA NOMA ABEZIMO EZIPHUTHUMAYO
UKUYA KUBANGANI NOMA OsEBENZA NABO OBATHEMBAYO
IZINDAWO ZOsIZO
AkwAmukelekile ukuhlukunyezwA ekhAyA nomA ngAbe okwAluphi uhlobo! Kungumsebenzi wawo wonke umuntu ukwazi ngokuhlukunyezwa ekhaya kanye nezindlela zakho. Ukuhlukunyezwa akukona “okwakho wedwa”. Akwamukelekile ngakho abahlukunyezwayo akumele baquliswe ngokuhlukunyezwa noma ngabe okomzimba noma okomphefumulo. Thina ngabanye noma njengomphakathi kumele singakuvumeli ukuhlukunyezwa emakhaya bese sisiza labo abahlukunyezwayo. kunezinhlobo
ezahlukene zokuhlukunyezwa
ezingehlakalela abesilisa nabesi-
fazane. lokhu okulandelayo kun-
gathathwa njen-gokuhlukunyezwa
kwasekhaya:
abantu abahlukunyezwayo banga:
Bangesaba noma bafune ukuthembeka kubalingani babo
Bavumele noma yini abayitshelwa noma eyenziwa abalingani babo
Babikele njalo abalingani babo lapho bekhona kanye nalokho abakwenzayo
Bafonelwa njalo abalingani babo bebahlukumeza
Bakhuluma ngeconsi, umona nokungazethembi kwabalingani babo.
izimpawu zokuhlukunyezwa ngokomzimba zingafaka lokhu:
Ukulimala njalo, bese kuthiwa “bekuyingozi” Ulova njalo emsebenzini, esikoleni nasemicimbini
ngaphandle kwencazelo Agqoke izinto ezifihla izibazi zokushaywa (isb.
agqoke okunemikhono emide ehlobo noma izibuko zelanga endlini).
izimpawu zangokwengqondo zokuhlukunyezwa zingabandakanya:
Ukungazethembi kulabo abebezethemba Ushintsho olukhulu empilweni (isb. ukuswaba
komuntu obeqaqekile) Ukuba nengcindezi, uvalo nokufuna ukuzibulala
UmhlEngikazi ongUmbElEthisi eMtholampilo waseMkhuze umisiwe emsebenzini emva kwezinsolo zokuthi wehlulekile ukunikeza owesifazane ofike emtholampilo esesikwa, unakekelo oluseqophelweni eliphezulu.
Lokhu kumiswa kulandela inqwaba yokumiswa ezikhungweni eziningi esifundazweni lapho abasebenzi bezempilo bebehluleka ukwenza umse-benzi wabo wokuhlinzeka ngokwezinga elilindeleke kubona.
“UMnyango awunayo indawo yabasebenzi abehluleka ukuhlonipha amalungelo alabo abahlinzekwa ngezempilo. Ngeke singabaze ukubatha-thela izinyathelo ezinqala. UMnyango uzimisele ngokuthi kungehliswa amazinga futhi iziguli zinakekelwe ngokufanelekile bese kuphakanyiswa nemigomo ye-Batho Pele (Abantu Kuqala),” kusho iNhloko entsha esanda-kuqokwa yoMnyango Wezempilo KwaZulu-Natali, uDkt Sifiso Mtshali.
UMNYANGO ULWELA UKUGCINWA KWAMAZINGA KWEZEMPILO
UNgqongqoshe uDhlomo ehalalise-la umbuthano wezempilo we-TACUngqongqoshE wEzEmpilo uzibophezele ekwelekeleleni izincomo ze-Peoples’ Health Summit ebisingethwe ngenyanga eyedlule ng-abe-Treatment Actions Campaign eMgungund-lovu. Ekhuluma embuthanweni, uNgqongqoshe uDhlomo uthe izinqumo zihambisana nez-injogo zoMnyango njengoba zibandakanya:
Ukugxila kakhulu emingenelelweni yoku-guqula indlela yokuziphatha kuzo zonke izinh-langa ngemilayezo eqondile ngokuthandana nabantu abaningi, ukwenza ucansi ngezindle-la ezahlukene.
Ukuqhubeka kokutheleleka okusha kuyisimo esiphuthumayo. Kumele i-KZN igxile ezintweni ezithinta isikonhlalo ezikhinyabeza ukuguqula indlela yokuziphatha.
Ukuhlukunyezwa ngokobulili kungukulwa nam-alungelo abantu kunqinde nokufinyelela ezinsizeni. Ukuhlukunyezwa ekhaya kanye nokushayelwa ucansi kwenyusa izinga lokutheleleka ngegci-wane lengculazi, ukucwaswa nokubandlululwa. Okusemqoka kakhulu emizamweni yokugwema, ukwehlisa izigameko zokushayelwa ucansi kanye nokuhlukunyezwa kwezingane.
Izinkundla zabesilisa kumele zibe kuyo yonke imi-
Ungqongqoshe ucacise ngesi-mo sokwentuleka kwemithiUngqongqoshE UDhlomo uqinisekise bonke abasebenzi bezempilo kuso sonke isi-fundazwe ngokuthi ukwentuleka okukhona kweminye imithi kubhekwana nakho ngqo, kepha yinselelo yomhlaba wonke, hhayi iNin-gizimu Afrika yodwa. Emhlanganweni nabakh-iqizi, baveza lezi zinkinga ezilandelayo okub-hekenwe nazo emhlabeni wonke:
Ubunzima bokutholakala kwezithako ezibalulekile Ukubambezeleka obekungalindelekile kokupaki-
shwa kwemithi Ukwenyuka obekungalindelekile kwesidingo so-
muthi othile.
Ekhuluma eSishayamthetho uNgqongqoshe uDhlomo waqinisekisa ukuthi abantu abay-izi-977 000 abadla imishanguzo yegciwane lengculazi KwaZulu-Natali abazange bentule imishanguzo abayidlayo.
Kuyasithokozisa ukubika ukuthi kulesi siFundazwe abantu abangama-80% abada-la abadla imishanguzo sebeshintshelwe ephilisini i-Fixed Dose Combination (FDC) eyinsada. Sikhuthaza odokotela ukuba bashintshe iziguli eziningi zisebenzise i-FDC ngoba ishibhile, kulula ukuyidla futhi ikhuthaza ukudla ngendlela imithi ezigulini,” kwengeza uDkt Dhlomo.
Abasebenzi abayi- 157 babanjwa benza imisebenzi nohulumeniUphEnyo olwEnziwa uMnyango Wezempilo KwaZulu-Natali ngokusola ukwenziwa kwemisebenzi yomnyango yenziwa abasebenzi, kwaveza ukuthi bayi-157 abasebenzi bomnyango abana-mathenda neMinyango kaHulumeni KwaZulu-Natali ngonyakamali wezi-2012/2013 kanye nowezi-2013/2014 bengayitholanga imvume emnyan-gweni. Isamba sesisonke sezimali zabo sasiyizigidi ezingama-81.1, nesamba sez-inkokhelo zaziyi-1, 971.
Njengamanje bayi-150 abasebenzi asebenikwe izincwadi zezexwayiso. Abasebenzi abayisi-7 besula kuhulu-meni ngaphambi kokuba kuphothulwe uphenyo. Abangama-37 sebeqalile uku-khokha imali eMnyangweni. Inkokhelo ehanjiswa eMnyangweni eyephesenti lobunini benkampani ethintekayo.
phakathi futhi zikhuthaze ukuba yizibonelo kwa-bantu besilisa.
Abaholi bendabuko kumele babambe iqhaza emiphakathini futhi kumele bahole ukugwenywa kwegciwane lengculazi, ukwelashwa kanye non-akekelo olusekelwe emalungelweni abo bonke.
Ukubandakanyeka kwabesifazane ekusizeni abe-silisa ukuba bathathe izinqumo zokuziyela ngok-wabo beyosokwa ngoba yibona abangalalelwa kangcono abalingani babo uma bebakhuthaza ukuba baziyele ukuyosoka, ukunakekelwa komt-hungo kanye nokuthobela ngoba abesifazane bayazuza ngokusoka kwabalingani babo.
Ukuqinisekisa ukuthi abazosoka yilabo aba-
kuqeqeshelwe lokho bekwenza kunezibulalimagci-wane, kutholakale imvume, kugcinwe ubumfihlo, kwehle ubungcuphe, ukwelulelwa nokuphepha.
“siyakwamukela ukuphawula okuvela kwe-sisebenzisana nabo njenge-taC ikakhulu ekulweni negciwane lengculazi. Umyalezo wethu ucacile ngoba usibiza ukuba sizithibe futhi singasheshi ukuzibandakanya kwezo-cansi, sethembeke sonke othandweni, si-wasebenzise ngendlela futhi zikhathi zonke amakhondomu kanye nokuhlolelwa igci-wane lengculazi minyaka yonke”, kusho un-gqongqoshe uDhlomo.
UNCWABA
Silwa Nezifo, Silwa Nobubha, SiNika ithemba
Inyanga Yokunikela Ngesitho Somzimba
Abanikela ngezitho badingeka
kakhulu ukuphephisa impilo
yabantu abaningi abanezifo
ezibulalayo. Kepha Ezempilo
e-KZN ziqwashisa abantu
ukuba bangahuhwa ngemali
ukuba bathengise ngezitho zabo
zomzimba – akukho emthethweni.
Khuluma nomsebenzi wezempilo uma ufisa
ukwazi kabanzi ngokunikela ngesitho somzimba
– ngokusemthethweni.
Inyanga Yokuqwashisa Ngomdlavuza Wegazi Nokunikela NgomnkantshaI-Leukaemia ingumdlavuza wegazi (noma umnkantsha
oyithishu ethambile phakathi namathambo) odinga ukuba
uthole umuntu onethishu efana nse neyakho ozonikela
nge-stem cell ( ama-stem cells ayisizalo sazo zonke izitho
zomzimba kanye nethishu emzimbeni womuntu futhi
angasiza ekulungiseni ithishu elimele okungasiza ezifweni
ezinjengomdlavuza, isifo sikashukela kanye nezinye izifo
zegazi). Ama-75% abantu abanomdlavuza wegazi abantu
abaneminyaka engaphansi kwama-25 lapha eNingizimu Afrika.
Labo abangabokudabuka e-Afrika baba nenkinga yokuthola
ongabanikelela ofanele. Kungani ungewenze umehluko
empilweni yomunye umuntu ngokubhalisela ukuba ngonikelayo.
Kumahhala, kuphephile futhi kungaphephisa impilo!
Ukuthola olunye ulwazi, xhumana ne-The sunflower
Fund enombolweni yamahhala ethi 080012 10 82
UNCWAbA 1 - 7Isonto Likazwelonke Lokuncelisa IbeleNgaleli sonto, izinhlangano zezempilo
emhlabeni ziphindaphinda ikhwelo
komama abasha ukuba bancelise
izingane zabo ibele, noma ngabe
banegciwane lengculazi.
Kepha khumbula ukuthi
kubalulekile ukunika
ingane yakho ubisi lwebele
lodwa ezinyangeni zokuqala
eziyisithupha. Ubisi lwebele
luyisiqalo esiphuma phambili
ongasinikeza ingane yakho. Funda kabanzi
ngemihlomulo ngaphakathi kuleli phephabhuku.
UNCWAbA 4 - 10Isonto Le-Rheumatic Fever kanye Nele-Rheumatic Heart DiseaseI-Rheumatic Fever yisifo esibucayi esihlasela izingane
nabantu abasha. Sihlasela izindawo ezehlukene
emzimbeni, okubandakanya amathambo, inhliziyo,
ukuhamba kwemizwa kanye nengqondo. Ingaqala
emva kokuguliswa umphimbo obuhlungu. Ayelapheki
kepha ikhona imithi yokwehlisa izinhlungu. Ukuze uthole
izeluleko ezifanele, khuluma nomsebenzi wezempilo
noma uxhumane nabezeMpilo e-KZN ku 0800 00 5133.
12
Inyanga Kazwelon-ke Yabesifazane
Wathint’ abafazi wathint’ imbokodo –You strike a woman, you strike a rock!
Usuku Lomhlaba Lwabantu Abasha
Intsha yethu ineqhaza elibalulekile
okumele ilibambe njengabaholi
bakusasa. NjengoMnyango
Wezempilo, sifisa bahole bebe
bethatha izinqumo ezifanele zempilo
yabo! Ukugwema izifo, ukuziphatha
kahle kwezocansi kanye
nokukhuthaza abanye ukuba benze
okufanayo kuholela emphakathini
onempilo onakekelanayo.
Ake isihole intsha!
UNCWAbA 26 - 31Isonto Lemithi Yesintu Yase-AfrikaImithi yamanje ineqhaza elibambayo ekwelapheni izifo kepha
lokho akusho ukuthi kumele sikhohlwe yizindlela zakudala
kanye namasiko ekwelapheni abantu okwakusebenza. Leli son-
to elokuqwashisa ngokubaluleka kweqhaza elibanjwa ngabe-
laphi bendabuko. Kuselapho, Ezempilo e-KZN zeluleka
abantu ukuba basebenzise labo belaphi bendabuko
ababhaliswe ngokusemthethweni. Ukwelashwa abe-
laphimbumbulu akulimazi impilo yakho kuphela
kepha kukulahlekisela nangemali.
UNCWAbA 6 - 10Isonto Lokuqwashisa NgovendleUvendle yisifo esibucayi esithathelanayo esin-
gaholela ezinkingeni zokungakwazi ukuphefu-
mula, ukukhubazeka kanti ngisho nokufa uma
singelashwanga ngendlela. Labo abasengcu-
pheni bafaka phakathi abesifazane abakhule-
lwe, izingane kanye nabantu abanamasosha
omzimba antekenteke. INingizimu ayinaso
isifo sikavendle njengamanje, sibonga
imizamo kahulumeni yokuqeda lesi sifo
kepha omama kumele baqinisekise
ukuthi izingane zabo ziyagonyelwa isifo
sikavendle ukuze izwe lethu liqhubeke
nokungabi naso lesi sifo. Nikela ngomnk-
antsha
0800 22 66 22
086 111 2182
0800 12 10 82
031 327 2000
031 240 1000
031 360 3111
033 897 3000
UM
DLA
VUZ
A W
EG
AZ
I
Silwa Nezifo, Silwa Nobubha, SiNika ithemba
UK
UVI
KE
LEK
A N
XAM
BIL
IUyini umdlavuza wegazi?
Minyaka yonke izingane ezithi azibe ngama-800 lapha eNingiz-imu Afrika zitholakala zinomdlavuza wegazi kanti ezinye ezinga-ma-500 zishona ungakahlonzwa nakuhlonzwa umdlavuza wegazi. Lo mdlavuza ungomunye wemidlavuza ehlasela kakhulu izingane, ngakho uma ungumzali kumele ufundisise ngawo ukuze wazi uku-thi kunini lapho okumele uhambise ingane yakho iyohlolisiswa.
UMA UtHOLAKALE KUSENESIKHAtHI, KUNGELASHWA AMA-70%-80% EZINGANE NGAKHO UNGACHItHI ISIKHAtHI!
Uqala kanjani umdlavuza ezinganeni?Umdlavuza uqala kumaseli okuyiwona akha imizimba yethu. Amaseli amasha akheka ngoba siwadinga bese amaseli amadala efa. Kwesinye isikhathi amaseli amadala awafi bese eba ngumdlavuza.
mayelana nomdlavuza wegaziLo mdlavuza owejwayelekile ezinganeni uqala emnkantsheni (ingxenye yom-zimba lapho kwakheka khona amaseli egazi). Amaseli egazi amhlophe asiza umzimba ekulweni nezifo, emdlavuzeni wegazi umnkantsha ukhiqiza amaseli egazi amhlophe angafanele, enza kube nzima ukuba igazi lenze umsebenzi walo. Lezi zimpawu ezilandelayo zingezinye zezimpawu zomdlavuza wegazi kepha khumbula ukuthi zingenziwa ezinye
uncwaba
yinyanga
yokuqwashisa
ngomdlavuza
wegazi
izimo enganeni, ngakho ingane mayi-hlolwe uchwepheshe wezempilo ukuze akwazise ukuthi ngabe yini imbangela yalezo zimpawu.
Okumele ukuqaphele Ukukhathala kanye nokuphaphatheka
kwesikhumba Ukugula kanye nemfiva Ukusheshe wophe nokuba namabala
egazi Ubuhlungu bamathambo Ukukhukhumala kwesisu Ukukhwehlela, ubunzima
bokuphefumula Ukuvuvuka kobuso nezingalo Ikhanda, ukuquleka noma ukuphalaza
Izindlela zokwelashwaIndlela yokwelashwa iyokuya ngengane yakho, impilo yayo kanye nokuthi ngabe
isifo sesisabalale kangakanani. Indlela ejwayelekile yokwelapha yileyo yokwelapha ngemisebe (lapho umuthi wokwelapha umdlavuza unikezwa ngedriphu) kanti kwezinye izimo kuba ukunikelelwa ngomn-kantsha. Kepha ingane edinga ukunikelelwa ngomnkantsha kumele ithole umaqon-dana ofanele ozonikela. Kunokwentuleka okukhulu lapha e-Afrika kwalabo abani-kelayo, iNingizimu Afrika idinga abanikeli abangama-100 000 ukuze kusizwe izingane ezinalolu hlobo lomdlavuza.
KHUMBULA! KUSOKWA MAHHALA EZIKHUNGWENI ZEZEMpILO ZIKAHULUMENI.
Vikeleka kabili ukuZe uphephe kweZOcanSi
UMnyango Wezempilo KwaZulu-Natali usuqinise umkhankaso wokuhlaba ikhwelo kubo bonke abantu abasha esifundazweni ukuba basebenzise izindlela ezingaphezu kweyodwa ekuzivikeleni egciwaneni lengculazi, engculazini uqobo kanye nokukhulelwa okungadingekile.
n gesikhathi kwethulwa amabhodi azocho-nywa kuso sonke isifundazwe, uNgqongqoshe Wezempilo, uDkt Sibongiseni Dhlomo wathi lo
mkhankaso kwakuhloswe ngawo ukukhuthaza uku-soka kwabesilisa kanye nokusetshenziswa kwezindlela zokuhlela umndeni kwabesifazane ezinjenge-Implanon kanye namakhondomu.
Ukusebenzisa ukuvikeleka okumbaxambili kuvikela abantu abasha bakulesi sifundazwe ukuze baphile isikhathi eside benempilo, bebe bethola nethuba lokuzuza iziqu bephilile futhi bengenakukhulelwa. Iningi lomama abasebancane lifika kwangqingetshe emva kokukhule-lwa, kanti baba semathubeni amakhulu okubulawa yizifo ezihlobene nokukhulelwa. Ababe besafika eqophelweni lempilo yabo,” kusho uNgqongqoshe uDhlomo.
Ukufundiswa ngaphambi kocansi ukuze ikusasa liqhakazeNgokwezibalo zakamuva, baningi abantu abasha abashiya ezikoleni zamabanga aphakeme ngenxa yokukhulelwa – bathi ababe yizi-80, 000 abantu abasha abathola izingane unyaka nonyaka ezweni – iningi labo liphuma KwaZulu-Natali. Okusha-qisayo ukuthi amantombazane ngokwezi-balo asheshe athole igciwane lengculazi ngaphambi kontanga yabo besilisa, ngenxa yokuthandana nobaba abadala.
Ucwaningo lwakwa-CAPRISA, luveza ukuthi zonke izingane eziqala esikoleni bese ziqeda Ibanga lesi-7 zabafana nezaman-tombazane, zisuke zingenalo igciwane lengculazi. Lokhu kuqhubeke uma sezin-gena ezikoleni zamabanga aphakeme. Uma seziqeda Ibanga lesi-12 ama-7-10% aman-
“Njengomphakathi kumele sibhekane nalesi simo futhi singasivumeli lapho obaba abadala abahamba ngezimoto ezinkulu abanemali futhi bebe behubha amantombazane amancane. Akungabi nandawo emphakathini wethu.” – UNgqongqoshe UDhlomo
Zuza iziqu uphila!
tombazane asuke esenalo igciwane kepha abafana baqhubeke bengenalo. Lokhu kubangelwa ukuthi amantombazane athola ukugula kubantu abadala alala nabo. Uma sebefika emanyuvesi ama-10% amantom-bazana asuke esethelelekile. Ngesikhathi beqeda iziqu zeHonazi emva kweminyaka emine basuke sebengama-25% abafana namantombazane abasuke sebenegciwane okukhombisa ukuthi basuke sebethelelene.
“Ungabehluleli, basize” Abasebenzi bezempilo bakhuthazwe ukuba “bangababhokeli” abantu abasha abeza kubo bezocela izeluleko ngempilo yabo yezocansi. “Uma oneminyaka eyi-17 eza emtholampilo, ungambhokeli. Akukhona okwakho ukwehlulela. Banike lokho aba-kucelayo. Bakhombisa ukuthi sebeyalwenza ucansi. Ngeshwa, abanye babo benza
ucansi olungaphephile. Ngakho-ke uma bedinga usizo, sicela nibasize. Akukhona okwethu ukwehlulela,” kuncenga uDkt Dhlomo.
UK
UN
CE
LIS
A IB
ELE
Silwa Nezifo, Silwa Nobubha, SiNika ithemba
Imiyalelo yakho yonke yokuncelisa ibele
Ubisi lwebele luwukuvikela okuphuma phambili ezifweni, okwenza uMnyango Wezempilo e-KZN ukhuthaza bonke omama abasha ukuba bancelise izingane zabo kusukela zizelwe – kuqukethe wonke umsoco odingwa yizinsana. UMnyango usuqashe abeluleki bezokuncelisa kuzo zonke izikhungo zezempilo ukuba basize omama abasaqala ukuncelisa ngakho konke abadinga ukukwazi ngokuncelisa ngempumelelo.
UNCWAbA 1-7 ISONTO LOKUQWASHISA NGOKUNCELISA IbELE
Q Ungayincelisa ingane yakho uma
unegciwane lengculazi?
YEBO! Kepha khumbula uku-qinisekisa ukuthi uyayithola imishanguzo yakho yegciwane lengculazi bese uncelisa in-gane yakho izinyanga zokuqala eziyisithupha. Lokho kusho ukuyincelisa ibele kuphela (ngaphandle uma umsebenzi wezempilo ekweluleka ukuba ungayincelisi ngenxa yezizathu azokuchazela zona)
Q Uma ungakwazi ukuncelisa ibele?
UMnyango Wezempilo KwaZulu-Natali usuna ‘Mabhange Obisi Lwabantu’ ezibhedlela ezithile esifundazweni. Lezi yizikhungo ezigcina ubisi lwebele olunikel-we omama abancelisayo. UMn-yango uyaluhlola bese ulihlanza ngaphambi kokuluncelisa izingane eziludingayo ukuze zithole isiqalo esihle empilweni! Lezi zingane zibandakanya ezisheshe zazalwa, ezinesisindo esincane, ezilahliwe noma ezi-yizintandane. Uma ungakwazi ukuncelisa ingane yakho, khu-luma nomsebenzi wezempilo ukuze akwedlulisele kwelinye lala mabhange obisi lwabantu.
Khumbula ukuthi ukuncelisa ibele kuyisiqalo esifanele enganeni yakho. Kumahhala kanti kunazo zonke izinto ezivikela ingane,
ngakho yenza okufanele enganeni kanye nakuwe!
1 Izingono ezibuhlungu neziklayekileUma uzwa ubuhlungu ngesikhathi uncelisa, lokho kusho ukuthi ingane ayilutholi ubisi olwanele. Uma ingane idonsa izingono ziyoba buhlungu noma ziklayeke okungaholela ezifweni.
UKUKUvImbA KANYE NOKUKwELApHA
– Bamba ingane ngendlela yokuthi iwufake wonke umlomo engonweni.
– Ungawadonsi amabele uma uwakhipha emlonyeni wengane. Ayincele ngokuthanda kwayo. Uma ufuna ukuyiyekisa ingakaqedi ukuncela, yikhiphe kahle.
– Yelapha izingono ezibuhlungu ngokuzigcoba ngobisi lwebele uma uqeda ukuncelisa. Ungasebenzisi insipho noma ukhilimu – umzimba ukhiqiza amafutha emvelo agcina izingono zihlanzekile.
– Gwema izimpahla ezikubambayo.– Ukuze izingono zingabi buhlungu,
zishayise ngomoya kanye nelanga uma kungenzeka.
– Ncelisa ngawo omabili amabele.– Uma zibuhlungu kakhulu, ncelisa
ingane ubisi lwebele ulukhamele esipunwini ngesandla zize zibe ngcono izingono – izingono ziba
Ukunakekela amabele akho ngesikhathi uncelisaomama abaningi bazitshela ukuthi abanalo ubisi olwanele lokuncelisa. ngisho nalabo abalambayo kepha bayakwazi ukwakha ubisi olwanele lokuncelisa izingane zabo. Ubuningi bobisi olwakhiwa amabele akho luya ngokuthi ingane yakho incela kangakanani. Uma incela kakhulu nobisi lukhiqizeka kakhulu.
ngcono emva kwezinsuku ezimbili (Buza umsebenzi wezempilo ukuthi ulukhama kanjani ubisi ebeleni).
2 Ubuhlungu nokuvuvu-kala kwamabele Amabele ayavuvukala aqine uma kusaphuma ubisi okokuqala. Uma uncelisa kancane nobisi luyehla ngakho-ke kubalulekile ukuncelisa ingane uma ifuna ukuncela.
UKUKUvImbA KANYE NOKUKwELApHA
– Qala ukuncelisa ngehora lokuqala ingane izelwe.
– Qiniseka ukuthi ingane uyibambe ngendlela efanele.
– Ncelisa ingane kuwo womabili amabele ngokuwashintshanisa.
– Emva kokuncelisa, beka izindwangu ezipholile futhi ezimanzi ukukusiza ekuvuvukaleni okuyophela emva kwezinsuku ezimbili.
3 Umthambo ovalekile Uma ibele linesigaxa esibuhlungu
uma uncelisa lokho kusho ukuthi umthambo uvalwe ubisi. Kubalulekile ukuba uqhubeke uncelise ukuze ibele lingabi nobuthi. Kusuke kusaphephile ukuncela kwengane.
UKwELApHA UmTHAmbO OvALEKILE
– Beka izimpahla ezimanzi ebeleni elibuhlungu ngaphambi kokuba uncelise.
– Qhubeka nokuncelisa ingane kulo lelo bele elibuhlungu uqinisekise ukuthi ingane idonsa ngendlela efanele.
– Hlikihla ngobunono isigaxa ngesikhathi ingane incela, lokhu kuzosiza ukuvula umthambo ovalekile.
– Ncelisa ngezindlela ezahlukene ukuze ubisi luphume ndawo zonke.
– Uma ungeke uncelise, khama ubisi ngesandla ukuze kuvuleke umthambo ovalekile.
– Gqoka izimpahla ezikukhululayo bese uphumula ngokwanele.
Imithambo eminingi evalekile ivuleka emahoreni angama-24. Uma unemfiva kuze kuphele izinsuku ezimbili, udinga ukwelashelwa ibele ngakho udinga ukuxhumana nomsebenzi wezempilo okunguyena oyokusiza kulokhu.
OKUMele UKUbheKe NgesiKhathi UNcelisa ibele
Silwa Nezifo, Silwa Nobubha, SiNika ithemba
Imivuzo yokusebenza lapho udingeka khonaNakuba ekuvuma uZonke ukuthi kunezinselelo eziningi ukuseben-zela ezindaweni ezisemakhaya kepha akazisoli ngalokho. Kuyena umvuzo omkhulu ukuphephisa impilo yabantu abathembele emsebenzini kanye nasemakhonweni abo. “Abantu basemakhaya baluthokozela kakhulu usizo abanikezwa lona. Kuyabamangaza ukubona umsebenzi owenziwa abezimo eziphuthumayo ngoba baye bazitshele ukuthi abashayeli bama-ambulensi umsebenzi wabo ukuthuthela ezibhedlela abantu abalimele neziguli. Uma sebebona esikwenza kwabathandiweyo babo ngaphambi kokuba-phuthumisa esibhedlela, kubanika ithemba kanye nokwazi kabanzi ngomsebenzi wethu. Lokho kube sekuvukuza nothando lokufun-dela umsebenzi esiwenzayo.
Abesifazane Kwa-EmsNgokwanda kwezibalo zabesifazane abenza lo msebenzi, uyaku-vuma uZonke ukuthi sekwenza kwaba lula nakwabesifazane ukuba semkhakheni ogcwele kakhulu abesilisa. “Bayemukelwa nabesi-fazane. Ziba khona izimo lapho kuba nzima njengomuntu wesifazane ukunikeza imiyalelo, kepha ekupheleni kosuku uyakwazi ukulawula isimo, konke kusuke kugxile esigulini ngoba wonke umuntu uyajab-ula uma isiguli sesiphephile. Ufunda ukulawula imizwa yakho ngoba kuke kube nezimo ezibucayi kakhulu,” kwengeza uZonke.
Iseluleko sokuba kulo mkhakhaUkuxhumana nabantu yikhona okubalulekile, kuqwashisa uZonke. “Kumele ube umuntu wabantu ufunde ukukhuluma nabantu, ikakhulu ezimweni ezibucayi. Uzithola manje ukhuluma nesiguli,
NG
EM
BO
BO
KA
KH
IYE
UZonke njengoba ebizwa kanjalo ngabangani bakhe nasebenza nabo, ukhulele endaweni yasemakhaya eMzimkhulu lapho aba nephupho lokuphephisa abantu. Namhlanje wenza lokho, futhi ngale Nyanga Yabesifazane usixoxela ngokuthi wakuzuza kanjani lokho nokuthi kusho ukuthini kuye.
UNtombizonke NgobeseUmsebenzi Wezezimo Eziphuthumayo Ezisezingeni Eliphezulu onemin-yaka engama-26, eport Shepstone
“Kumele ube ngumuntu wabantu”
ihhovisi lenu, udokotela, ngakho kumele uqonde ukuthi zisebenza kanjani ezinye izikhungo osebenzisana nazo njengezicimamlilo, amaphoyisa, ama-ambulensi azimele, izindlela zokwedluliselwa kanye nezibhedlela ukuze kuhleleke kahle unakekelo lwesiguli olusezingeni eliphezulu. Konke lokhu kuza noqeqesho olusez-ingeni eliphezulu olithola ezikhungweni zemfundo ephakeme,” kwengeza uZonke.
Ukubhekana nengcindeziUkuba nabantu oxoxa nabo kubalulekile ekubhekaneni nengcin-dezi. “Bakhona abantu abaqeqeshiwe ongakhuluma nabo, on-gabavulela isifuba. Impilo inzima kuwo wonke umuntu ngakho ngeke waphilela ukunconywa yiwo wonke umuntu, nawe kumele uzinakekele ngokwakho”.
hlala ubheke iMifunDaZe YokWenZa i-eMs ekhishWa uMnYango WeZeMpilo e-kZn.
Vakashela ihhoVisi leZabasebenZi kunoMa Yisiphi isikhungo seZeMpilo noMa ubheke iWebsaYithi YoMnYango engu www.kznhealth.co.za
“Emva kokuphothula umatikuletsheni ngemukelwa ukuba ngifundele ezezimo eziphuthumayo eThekwini lapho engaphothula khona izifundo zami ngonyaka wezi-2009. Ngaqala ngasebenzela abama-ambulensi azimele eVryheid ngase ngedlulela ePitoli. Ngabona ukuthi angiyena umuntu wamadolobha ngakho ngifisa ukwenza okukhulu emakhaya njengasendaweni engakhulela kuyo, ngonyaka wezi-2012 ngathola umsebenzi kwabezimo eziphuthumayo ePort Shepstone okuyidolobha eliseduze nasekhaya lapho engisiza khona imiphakathi exubile okungowasemakhaya nowasedolobheni.